Ngidinga Ithuba eBook

R80.00

+ Free Shipping
Category:

UZama uziphilela nomama wakhe uKaMthembu abaxoxa naye ngakho konke.UThembelihle umngani wakhe omkhulu futhi osebone okuningi empilweni kanti uhlezi emxwayisa ngokuningi okumele akuqaphele njengomuntu wesifazane.Ukwaliwa kukaSikhumbuzo uThoko kubanzima ahluleke ukwamukela agcine ezifake emgwaqeni ashayiswe imoto andulele kwelizayo.Isiphalaphala esinguDaisy sizithola sisempini kanye noZama kubangwa uMbuli onguthishela wabo nohlezi ebaheha ngezipho.Ukufa kukamama kaZama kumkhumbuza amaphupho akhe okade efisa ukuwalandela kanti elinye lawo ukubhala nokugcina kumenza ashiye isigubhukane emendweni lowo.UBongani uzithola edidekile ngoba ebehlezi ekholelwa ukuthi wonke umuntu wesimame ujatshuliswa umendo.USparks noNeli bafa
kabuhlungu nokuthe emva kophenyo olunzulu kwatholakala  ukuthi nembala uDludla onguMshushisi unesandla ekufeni kwabo ngesimanga samasama-
nisi esahlukaniso.

Reviews

There are no reviews yet.

Be the first to review “Ngidinga Ithuba eBook”

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Shopping Cart