Exodus 20

R100.00

+ Free Shipping
Category:

Impilo siyavuma  ingumjikelezo kepha emapulazini isimo sisemanzonzo ; ukuxhashazwa  nokuhlukunyezwa  ngesimanga  sokuthola  indawo yokulala  nokuyangasethunjini  yikho  okumqoka  kubasebenzi.  UDan useneminyaka  evile kwengamashumi amabili esebenza  lapha epulazini  likaStalman. Uthembakele; uyilokhu okuthiwa ‘ ihlonipha nalapho ingezukwendela khona’. Umsebenzi usewazi ngoba ezazi yena. UJenny iso lihlezi likuye futhi uyachazeka  ukubona umlisa onakekela ibhizinisi likayise ngaloluhlobo.

ULilly umfazi ononya, ohleko lwakhe  lumbaxambili. UMaMbhele uthando luyamehlula-isikhwele  sakhe sinamandla ugcine  ephambanise izinkomishi kubaba wakwakhe  esizwa udadewabo.

UZimbili  kumthatha isikhathi ukuhlangana nesithandwa sakhe sakudala ahlukana naso ngendlela ebuhlungu. UMbuzi  kubukeka  eyisizathu  imizi eminingi isabumbene lapha ePiet Retief kusuka eHarmony Park  kuyofinyelela phesheya elokishini. Bathi inhliziyo  iyayazi  indlela, wena  ngabe  uyayilalela eyakho na?

Reviews

There are no reviews yet.

Be the first to review “Exodus 20”

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Shopping Cart