Ikhasimende 122

R170.00

+ Free Shipping
Category:

Ubugebengu bukhona yonke indawo,noma ngubani ohluleka
ukwamukela isimo esithize empilweni angazithola
ekubo.Abanye banengcindezi yezothando ;abanye
eyabangani;abanye bahehwa udumo lwabantu abathile
abasebenze kanzima kusenesikhathi.USenzo igeza lensizwa
eMayflower namaphethelo kukhalwa ngalo.Kusuka
ekugqokeni,ekubukekeni,nasekusebenzeni wonke umuntu
wesifazane uyamfisa eduze kwakhe.Akumangazi uNontobeko
enamathele “ne” kuye .Intokazi le iyisiphalaphala, kucacela
noma ngubani ukuthi impillo yayo iphezulu.Isithandwa sakhe
siyalingeka sigcine singene ntshi ekwetshiweni kwezimali
zamakhasimende ebhange.UBheki ,umngani wakhe,ukuthula
akakwazi kuDeliwe umkakhe ekhaya.Ngobunye ubusuku
bekwaPhuzumile impilo yakhe uSenzo uyayiqinisekisa ukuthi
uzoyishintsha mayeza ebhange nezimfanelo.
UVika benoThobani bazithola behlomula kuGqongo
ngokulwelwa uMmeli Thobejane ekuxoshweni kwabo kuhle
okwezinja.UPhindile noFunamina izintokazi
ezizilawulayo.Ziyaziphuzela,ziyazijolela kepha imiphumela
ibakhombisa futhi ibafundisa indlela yokuphila
elungileyo.Iqiniso lithi umuntu uvuna akutshalile.UDorah ikofi
lakhe lihlezi lishisa kuGqongo noJennete ,abaqashi bakhe.

Reviews

There are no reviews yet.

Be the first to review “Ikhasimende 122”

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Shopping Cart